Igxekiwe eyokubulawa kwabantu ababili abangenacala ePinetown

2017-09-06 19:30

Durban – Iqulu labantu libulale abantu ababili abangenacala ngemuva kokubasola ngokuthumba umfana oneminyaka engu-11 ubudala ePinetown, entshonalanga yeTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe lesi sigameko senzeke ngabo-17:00 ngoLwesibili kuStanfield Lane ngesikhathi ubaba walo mfana emshiye nomngani wakhe (ubaba) emotweni.

"Ubaba uye ezitolo eyothengela umfana into yokudla, eshiya ingane nomngani wakhe. Uthe esebuya ngemuva kwemizuzu embalwa wabona imoto abeshiye kuyo ingane isilele ngohlangothi,” kusho uMbhele.

Lo baba ube esebona iqulu lishaya umngani wakhe.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

"Kukholakala ukuthi umphakathi ubusola ukuthi umngani wakhe uthumbe le ngane. Umngani wakhe ulimale kanzima washonela endaweni yesigameko. Omunye umuntu ongaziwa naye ushaywe washona ezama ukulamula,” esho.

Uthe amaphoyisa ayaphenya ngokwenzekile okuholele ekutheni kushone la madoda.

UMbhele uthe amaphoyisa acela usizo ekufunisweni umndeni wale ndoda engaziwa eshonile.

“Owesilisa omnyama ohlawumbiselwa eminyakeni eko-40 ubudala. Ubegqoke ugawini oluhlaza sasibhakabhaka nesikibha esimpunga,” esho.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, usigxekile lesi senzo sobugebengu.

Kucelwa noma ngabe ngubani ongasiza ekuhlonzweni kwale ndoda ukuba ashayele amaphoyisa asePinetown noma iCrime Stop ku-08600 10111.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...