Igwetshiwe indoda eyabhunyela i-ex nge-acid ebusweni

2017-12-15 07:25

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseGoli igwebe uDavid Khoza, 34, iminyaka engu-13 esejele ngecala lokuthumba, ukugwaza nokubhunyela owayeyintombi yakhe nge-acid.

UKhoza wathumba owayeyintombi yakhe, ophinde abe ngumama wengane yakhe, ngesikhathi esendleleni eya emsebenzini ngoJulayi 2015. Wamdedela ngosuku olulandelayo wabe esegcwala amathafa ngaphambi kokuba aboshwe ngoNovemba 2015.

UKhoza wadedelwa ngebheyili ngomhlaka-1 Januwari 2016 waphinde waqhubeka nokulandela lo wesifazane, wamgwaza ngesikhathi elele emzini wakhe oseDiepkloof Zone 2.

OLUNYE UDABA:Umfundisi ubhunyele intombi nge-acid - Umbiko

"Isisulu samemeza sicela usizo, umsolwa wabanjwa yisoka elisha lesisulu kwatholakala nommese. Umsolwa wakwazi ukuphunyuka wabaleka," kusho okhulumela amaphoyisa uXoli Mbele.

Ngesikhathi umsolwa esavela enkantolo ngecala lokuthumba waphinde waboshelwa elokushaya ngenhloso yokulizama ngomhlaka-18 Januwari 2016.

Umsolwa wabhunyela isisulu nge-acid ebusweni. Ngomhlaka-22 Juni 2016, umsolwa waphinde waboshwa ngesikhathi evele enkantolo.

"Umsolwa wanqatshelwa ibheyii kwaze kwafika usuku lokuba agwetshwe," kusho uMbele.


– African News Agency (ANA)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...