'IGlebelands iyisizinda sezinkabi namaphoyisa anenkohlakalo'

2017-07-17 16:00

Durban – Ihostela laseGlebelands liyikhaya lezinkabi kanti namaphoyisa nawo ayathinteka ekuzilekeleleni, lokhu kuvezwe yikhomishana kaMoerane ngoMsombuluko.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu wasungula le khomishana ngo-Okthoba wangonyaka odlule.

USihlalo wale khomishana u-Advocate Marumo Moerane, uyena obehola uphenyo ngokubulawa kwabantu kule ndawo kusukela ngo-2011.

“Uma kukhona ofuna ukusoconga umuntu, eGlebelands yindawo ongathola kuyo umuntu ongakwenzela lowo msebenzi,” lokhu kuvezwe wumcwaningi ozimele futhi obuye abe ngumvikeli wamalungelo abantu, uVanessa Burger.

Izinkabi yizona eziqashwayo uma kubulawa abanikazi bamatekisi kanye nosopolitiki.

Ukubulalana kule ndawo kwavela ngesikhathi kuzwakala ukuthi ikhansela lewadi yilona elalingungqondongqondo ekubulaweni kwabaholi bamakomidi ezigceme. Abaholi bamakomidi basuke bemele bonke abahlali.

OLUNYE UDABA:Zithe aziyifuni ibheyili izinkabi ezisolwa ngokuzama ukubulala

Kuvela nokuthi kukhona abagxambukelayo uma kuphenywa amacala futhi nezitatimende zikhishwa seziphekiwe.

Kusukela ngomhlaka-13 Mashi 2014, bangu-89 abantu ababulewe kule ndawo kodwa akekho noyedwa umuntu oseke waboshwa.

Iphoyisa eselineminyaka lihlala kule ndawo, yilona elinika abahlali bakuleli hostela izikhali futhi kuningi elikuzuzile ngokuhlala lapha.

"Akusikhona ukungcola kuphela kwamaphoyisa, kodwa futhi anesandla ekubhebhethekiseni udlame,” kuqhubeka uBurger.

Izinkabi zisebenzisa izibhamu zamaphoyisa zohlobo lwe-R1 kanti inkohlakalo inuka phu esiteshini samaphoyisa aseMlazi kanti nomphakathi awasawethembi amaphoyisa akule ndawo.

UBurger uthi izinkabi zaseGlebelands yizona eziqashelwa ukubulala amakhansela e-ANC nokubalwa kuwo ukuhlaselwa kwalowo owayenguNobhala-Jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa, eMzimkhulu njengoba kulesi sigameko kwasetshenziswa i-R1 ekeyasetshenziswa kwezinye zalezi zigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...