Idutshulwe yashona indoda ebizitika ngocansi epaki eThekwini

2017-08-16 19:35

Durban - Kudutshulwe kwabulwa indoda ngoLwesibili ebusuku epaki iRamblers eseMontclair, eThekwini, kusolwa ukuthi ibizitika ngocansi nowesifazane emotweni yayo.

ISouthlands Sun ibike ukuthi lezi zithandani bezinqunu ngezithuba zabo-20:00, ngesikhathi kuqhamuka indoda engaziwa yafike yafaka isandla ngewindi, yakhipha ukhiye emotweni.

Imoto ibihamba kancane ngaleso sikhathi, lokhu kungokusho kokhulumela amaphoyisa aseMontclair uCaptain Dereck Vijiam.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ukhumule wazitika ngocansi nesoka emotweni kwi-traffic

Ngesikhathi umshayeli ezama ukulwisana nesigebengu, sikhiphe isibhamu sadubula umshayeli ekhanda. Umshayeli ushonele endaweni yeisgameko kodwa lokhu kwenzeke ngaphambi kokuba azame ukubaleka imoto yayoshayisa udonga.

Owesifazane uphume ngewindi lemoto wabaleka.

Amaphoyisa apheke lo wesifazane ngemibuzo kanti athi udaba luyaphenywa.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...