Idolobha seliqalise uphenyo ngokusha kwesitimela

2017-11-21 07:03

Cape Town – Idolobha laseKapa lenza uphenyo ngokusha kwamakhoshi amathathu esitimela sakwa-Metrorail ngaseCentury City ngoMsombuluko.

Okhulumela uphiko lwezicimamlilo nabatakuli eKapa, uTheo Layne, uthe abezicimamlilo baphuthume endaweni yesigameko bayocisha isitimela ebesisha kujantshi emini.

"Amakhoshi amathathu esitimela ashile kodwa akulimalanga muntu,” kusho uLayne.

OLUNYE UDABA: Abesifazane ababili baqasha inkabi eyodwa ukuba ibulale amadoda abo

Uthe akwaziwa ukuthi yini eshise isitimela

"Ngenxa yokusha kwesitimela, kushe nezihlahla ezingalapho. Kodwa ayikho impahla ebisengcupheni yokusha,” esho.

Ilungu lekomidi lezokuphepha eKapa u-JP Smith uthe abezicimamlilo bazokwenza uphenyo ukuthola ukuthi yini eshise isitimela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ushonile owesilisa oshayiswe yimoto ePMB

Emizuzwini eyi-47 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...