Idolobha laseKapa lihamba phambili ngezigameko zokubulala

2017-08-24 07:00

Cape Town – Umbiko ukhombisa ukuthi izinga lamacala okubulala edolobheni laseKapa likhule ngamaphesenti angu-40 kuleminyaka emihlanu eyedlule.

Leli dolobha yilona elihamba phambili eNingizimu Afrika ngamacala okubulala, nokugqekeza.

Lokhu kuvele kumbiko we-State of Urban Safety 2017 kanti lo mbiko ukhishwe ngoLwesithathu ngabenhlangano ye-South African Cities Network’s Urban Safety Reference Group (USRG).

Amanye amadolobha okwenziwakuwona ucwaningo kubalwa kuwo iGoli, Tshwane, eThekwini, Ekurhuleni, Nelson Mandela Bay, Mangaung, Buffalo City kanye noMsunduzi.

OLUNYE UDABA: I-EFF ivulele ababili amacala angu-94 okubulala

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eWestern Cape uDan Plato uthe lo mbiko kumele ube yisifundo emaphoyiseni kazwelonke.

Uthi ukukhula kwezinga lamacala okubulala eKapa kuhambisana nombiko abanawo bewumnyango wokuqapha amazinga obugebengu.

Uqhubeke wathi kudingeka ukuba amaphoyisa angenelele kulokhu futhi ahlinzekwe ngezinsiza ezifanelekile.

Uthi kungumsebenzi wawo wonke umuntu ukulwa nodlame, utshwala, izidakamizwa kanye nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...