Idolobha laseGoli seliqashe isikhulu esisha se-JMPD

2018-01-03 14:01

Johannesburg – IMeya yedolobha laseGoli uHerman Mashaba usememezele isikhulu esisha somnyango wamaphoyisa omgwaqo kuleli dolobha.

UDavid Tembe unolwazi lo msebenzi lweminyaka ecishe ibengu-20 ephethe kwezezimo eziphuthumayo usengene kulesi sikhundla esisha ngoLwesine.

UMashaba ubonge izikhulu ezaziphethe lesi sikhundla ngaphambilini ngomsebenzi wazo oncomekayo, washo nokuthi uyamethemba uTembe ukuba uzophumelela kulesi sikhundla.

"Nginethemba elikhulu kuTembe ngokwamakhono akhe futhi ngikulangazelele ukusebenzisana naye njengoba silwa nenkohlakalo kuleli dolobha futhi siqhakambise ukugcinwa komthetho kanye nokuthuthukisa umnotho,"kusho uMashaba ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:USipho Ndaba: UMhleli wemicimbi esoqphelweni eliphezulu

UTembe waqala ukusebenza kwezokuphepha ngo-1981 njenge-paramedic esebenzela i-Johhannesburg emergency medical services (EMS). wakhula kulesi sikhundla waba ngunsupha ngo-1989.

Ngo-1999 wathola isikhundla sokuba nguMqondisi wesikhungo esifundisa abezimo eziphuthumayo. Wakhuphukela esikhundleni sokuba wuMqondisi womsebenzi ngo-2001 ehola izitesi zezicishamliso ezingu-26 kuleli dolobha laseGoli.

UMashaba ubuye waveza ukuthi uTembe uneziqo zeNational Diploma ku-Personnel Management, Metro policing, kanye naku-FBI Law Enforcement Executive Leadership (Virginia, USA).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...