ICosas yesabise ngokuthatha izinyathelo ngokushicilelwa kwamagama abaphumelele u-Matric

2018-01-03 11:00

Johannesburg - ICongress of South African Students (Cosas) yesabise ngokuthatha izinyathelo uma amaphephandaba eqhubeka nokushicilela amagama abafundi amaphumelele umatikuletsheni.

Imiphumela ye-national senior certificate izokhishwa ngoLwesihlanu.

Kodwa usihlalo weCosas eGauteng uMasethembe Maqwaga uthi bakhathazekile ngokuthi ukushicilelwa kwamagama kungase kwenyuse izinga labafundi abazibulalayo.

“Sizamile ukukhuluma noMnyango weMfundo eyisiSekelo kodwa ngeshwa izwi labafundi lithathwa kancane.

OLUNYE UDABA: 'Ubaba ubeyindoda elungile'

“Ngisho umthetho wezwe awukuvumeli ukugxambukela ezindabeni zangasese zomuntu. Ngakho, lokhu kungukugxambukela ezindabeni zethu zangasese ngaphandle kokuxhumana nathi.”

Imiphumela yabafundi bamatikuletsheni ezikoleni ezizimele ababhale izivivinyo ze-Independent Examinations Board (IEB) ikhishwe namhlanje mhlaka 3 Januwari 2018.

Ngokusho kwemibiko, iCosas isabisa nangokushisa amahhovisi amaphephandaba ngama-petrol bomb.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...