ICosas inethemba elikhulu ngemiphumela kaMatric 2017

2018-01-04 16:03

Johannebsurg - Inhlangano yabafundi iCongress of South African Students (Cosas) ithi inethemba lokuthi izinga lemiphumela kamatikuletsheni ka-2017 lizobangcono uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

Ikilasi likamatikuletsheni ka-2016 laphumelela ngo-77.5%. ICosas ikholwa wukuthi imiphumela izoba ngcono kakhulu kulokhu ikakhulukazi ezikoleni ezisemakhaya nasemalokishini.

OLUNYE UDABA: ICosas yesabise ngokuthatha izinyathelo ngokushicilelwa kwamagama abaphumelele u-Matric

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uzomemezela imiphumela e-Auckland Park eGoli  namuhla (ngoLwesine) ebsuku.

UNkhobo Khomongoe we-Cosas uthe banethemba lokuthi abafundi bakamatikuletsheni ka-2017  bazophumelela ngobuningi babo bathola imiphumela emihle abazokwazi ukungena ngayo emanyuvesi futhi bathemba ukuthi izinga lokuphumelela kwamatikletsheni lisimeme kunonyaka odlule.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...