Ichazwe njengeqhawe indoda esindise impilo yengane ejikijelwe uyise phansi

2018-04-13 18:00

Johannesburg - Iphoyisa lakwamasipala selichazwe njengheqhawe kulandela ukunqaka ingane ephoswe wubaba wayo phansi ephezu komjondolo ngesikhathi kudilizwa imijondolo eJoe Slovo kumasipala waseNelson Mandela Bay.

Umasipala wendawo ubonge uconstable Luyolo Nojulumba esithangameni sabezindaba, wamchaza njengeqhawe ngoLwesihlanu.

Leli phoyisa belikhona kwenzeka isigameko esishaqisayo, ubaba wengane egibela phezu komjondolo, esabisa ngokuphosa ingana phansi uma iziphathimandla zidiliza umjondolo wkahe ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Uzovela ngoMsombuluko ubaba ojikijele ingane yakhe ephezu komjondolo

'Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuxoxisana naye, uvele wayijikijela phansi ingane yanqakwa yileli phoyisa.

UNojulumba ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngakwenzile uthe uzizwakahle njengoba ekwazile ukusindisa impilo yengane izolo.

 - Ivideo:

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...