Icasule abaningi indodana kaMugabe ngombhalo wayo

2017-08-17 07:00

Johannesburg - Indodana kaMengameli waseZimbabwe uRobert Mugame, uRobert Jr, idine abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kulandela umbhalo wayo ewufake kuFacebook, bethi kusobala ukuthi ayinendaba necala elibhekene nonina, uGrace.

Unkosikazi kaMugabe, uGrace Mugabe, 52, usolwa ngokushaya uGabriella Engels, 20, ngeSonto ntambama ehhotela eliseGoli okuhlala kulo amadodana akhe amabili.

U-Engels uthi ulimale kabi esiphongweni nasesiphundu wabe esevulela uMugabe icala.

OLUNYE UDABA: Ayikho incwadi egunyaza ukuboshwa kukaGrace Mugabe ekhishiwe

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ngoLwesibili uthe, uMugabe uzinikele emaphoyiseni waphinde wathi uzovela enkantolo.

Yize kunjalo, uGrace ubengabonwa enkantolo.

Nokho amaphoyisa asanda kuqinisekisa ukuthi uGrace usekhona eNingizimu Afrika.

Nakuba kunjalo, konke lokhu kubukeka kuyihlaya kundodana kaMugabe, uRobert Jr., 25, njengoba efake isithombe sakhe nomfowabo nabangani bezipholele eGoli, esihambisana nombalo ofundeka kanje: "Balokhu bekhuluma, thina siqhubeka nempilo."

Lo mbhalo wakhe usewususile enkundleni yezokuxhumana kulandela ukugxekwa.

 - Twitter:

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...