Icasule abaningi ebandakanya iBlack Motion nokukhishwa ebhanoyini

2017-12-07 16:00

eThekwini -  Abe-British Airways ngoLwesithathu bakuqinisekisile ukuthi bakhiphe incwadi yokuxolisa kubaculi bakuleli ngesigameko esenzeke endizeni esibandakanya iqembu lomculo, iBlack Motion.

UThabo "Smol" Mabogwane noBongani "Murdah" Mohosana bathi bayalelwa ukuba baphume ku-Business Class ukuze kuzohlaliswa umlungu ophukelwe yisihlalo sakhe kwi-Economy Class.

Laba baculi babe nengxabano nesisebenzi sasendizeni esibatshele lokhu, kwaze kwabizwa amaphoyisa ukuba abakhiphe ngoba badala inxushunxushu.

OLUNYE UDABA:LALELA: Kudedelwe ingoma entsha sha kaSfiso Ncwane

Laba baculi bathi lokhu kusithunaze kakhulu isithunzi sabo njengoba izwe lonke likhuluma ngalolu daba futhi bahlambalazekile, iTimesLive.

Umphathi walaba baculi uthe baphatheke kabi ngalokhu okwenzekile kanti okwamanje basahlaziya amalungelo abo ezomthetho ukuze babhekane nalolu daba ngendlela eyiyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...