'Ibulawe yimimoya emibi intombazane'

2016-03-03 11:30

Johannesburg - Wagcina ukubnonakala emasontweni amabili adlule uNomusa Ndlovu ngesikhathi ephuma ngejubane endlini ethi ubizwa ngumama wakhe ngaphandle.

NgoMsombuluko ekuseni kwatholakala isidumbu sakhe esinqunu esigangeni eduzane nakubo eZimpondweni eNdwedwe enyakatho neTheku.

Isidumbu sakhe satholwa siklinyiwe.

Umndeni wakhe usashaqekile namanje kanti ulokhu usho njalo ukuthi wabulwa yimimoya emibi.

Ngokusho kuka-anti wakhe le ntombazane eneminyaka engu-11 ubudala yayihlezi nabo ngesikhathi ibatshela ukuthi ubizwa ngumama wakhe ngaphandle.

OLUNYE UDABA: Bathi 'umoya omubi' ushise umuzi

"Yize singazange silizwe izwi lakhe samvumela ukuthi ayobheka," kusho u-anti.

"Kwaze kwafika umama wakhe ezombeka kwayima sibona ukuthi kukhona okunuka santungwana.

"Saqale sazitshela ukuthi uyadlala ngesikhathi ebuza ingane yakhe ukuthi iphi.

"Kodwa wathi ubengeke ambize uNomusa ngoba wayesekhwayeni ngalolo suku."

Ngesikhathi ebhekw, omakhelwane bathi bambona engena emahlathini okuyihlathi eliyingozi.

Lo anti uphinde wathi: "Bathi wayegijima sengathi ushiywa yisikhathi.

"Sisola ukuthi imimoya emibi eyayizenza umama wakhe imdonsela ehlathini."

Umndeni uthe wabiza isangoma ukuze uzothola ukuthi ukuthi wabulawa kanjani.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala.

UGwala uphinde wathi isidumbu satholwa sinamanxeba atshengisa ukuthi waklinywa.

Akukaboshwa muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...