Ibulawe nezigebengu inyanga ebidume ngekhanda eMafakantini

2016-12-12 12:31

Pietermaritzburg - UMduduzi Manqele owaduma ngokuba "yinyanga yekhanda" kulandela ukutholakala kwekhanda lomuntu efrijini lakwakhe ubeyingxenye yabasolwa ababulewe ngamaphoyisa ngeSonto.

UManqele, 51, waphunyuka ngesikhathi kuqulwa icala laleli khanda, kwasala lowo ayesolwa naye uRoger Thusi owagcina egwetshwa.

Ngokusho kukaHangwani Mulaudzi okhulumela oKlebe, abasolwa bavinjezelwe amaphoyisa behamba ngezimoto ezimbili nokuyilapho kuqale khona impi yenhlamvu.

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisishiyagalombili kwalimala kabi oyedwa oqashwe ngelokhozi esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Inyanga inyamalale no-R510 000 wempesheni kathisha

Ezimotweni zabasolwa, kutholakale imithi kanye nezinyama okusolakala ukuthi izicubu zomuntu.

Kubuye kwatholakala amabhomu okuqhumisa imishini yemali kanye nezibhamu.

“OKlebe balunywe indlebe ngalaba basolwa abebefunelwa amacala ahlukene okubalwa kuwo awokubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuqhumisa imishini yemali.”

Kusolakala ukuthi abasolwa bebeyoqhumisa umshini wemali endaweni yaseHowick, kubika iSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...