Iboshiwe intombazane, 19, elahle ingane ehlathini

2017-07-07 18:01

Durban - Amaphoyisa aKwaDabeka abophe intombazane esencane izolo (ngoLwesine) ngokulahla usana lwayo oluzelwe ehlathini eClermont.

Ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa asePinetown, uCaptain Bongumusa Manqele, uthe kusolwa ukuthi umakhelwane walapho okusebenza khona le ntombazane eneminyaka engu-19 ubudala njengomsizi wasendlini, ushayele umqashi wayo emtshela ngokuthi uzwe kukhala ingane ehlathini eliseduzane  ngesikhathi eya emsebenzini.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesifazane olahle usane esitamkokweni

"Umqashi ube esebuza le ntombazane ngesigameko, yaqinisekisa ukuthi ilahle ngane ehlathini. Ingane itholwe kuplastiki womgqomo," kusho uManqele.

Le ntombazane iqashwe ngamaphoyisa emtholampilo njengoba ithola ukwelashwa khona.

 - Highwaymail

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...