Iboshiwe indoda, 64, egwaze yabulala unkosikazi

2017-05-19 18:01

Cape Town - Isesitokisini indoda eneminyaka engu-64 ubudala ngokugwaza ibulale unkosikazi wayo ePacaltsdorp.

U-Abraham Saaiman kusolwa ukuthi ugwaze uSophia Saaiman emzini wabo ose-Andersonville ekuqaleni kwesonto kulandela ingxabano.

Umsolwa kusolwa ukuthi uphinde wagwaza nendodakazi yakhe ngesikhathi sesigameko sokugwaza unkosikazi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

Okhulumela amaphoyisa uDumile Gwavu uthe: "Umsolwa uthathe ummese wagwaza indodakazi. Ugwaze umufi ongunkosikazi wakhe emzimbeni.

"Bayolala, ngosuku olulandelayo isisulu asizange sisavuka. Isisulu sahlonzwa njengoshonile, umsolwa waboshwa endaweni yesigameko ngecala lokubulala."

- EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...