Ibiza uR60 ngenyanga i-App kaBonang entsha

2017-08-23 20:42

eKapa - Intokazi engumethuli wezinhlelo uBonang Matheba ebambisene noCell C sebekhiphe i-App yakhe entsha sha.

Le App yethulwe ngoLwesibili njengoba uBonang eseyinxusa elisha le-Cell C kanti le App ibizwa ngokuthi yi-BonangByCellC.

Asebenayo le-App bathi uthola izindaba ezikhethekile zalo saziwayo kanye nokunye okuningi okwenzeka ngemuva kwamakhamera.

Okwamanje le App itholakala ngomakhalekhukhwini abane-Android kanti uyithenga ngokungena esitolo sakwa-google.

OLUNYE UDABA:UVodacom uthi uBonang uyena owazifunela ukukhishwa kwi-contract yama-VIP

Ngemuva kokuyi-downloada yavuleka, uphoqelekile ukuba ufake inombolo yakho yocingo.

Uzothola umlayezo one-pin yakho eyimfihlo bese kuyavuleka.

Yize kuthiwa isebenziseka kalula, ulwazi olukhona luyaphindaphindwa futhi kusuke kuyizinto esezike zavela ezinkundleni zokuxhumana.

Le- App ibiza u=-R60 ngenyanga kulabo abangawusebenzisi u-Cell C, kanti ingu-R50 ngenyanga kwabano-Cell C.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...