Ibhasi lingene emzini yabantu, kubulawa umshayeli

2017-09-24 09:57

Cape Town – Liphaphalaze layongena emzini emibili ibhasi lakwaGolden Arrow eZwelitsha, eNyanga East, eKapa, ngoMgqibelo ntambama esigamekweni sokubulawa komshayeli ephangwa, kusho amaphoyisa.

Akekho omunye olimalile kulesi sigameko, kusho okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape u-Andre Traut etshela abezindaba iNews24.

Ikhansela lewadi laseNyanga uLuyanda Nyingwa uthe ibhasi belithwele abagibeli libheke eWynberg ngesikhathi abasolwa bedubula umshayeli.

OLUNYE UDABA:Ingozi yebhasi ibulale 29 eMpumalanga

Uthe akukho okwebiwe kulesi sigameko.

AbakwaGolden Arrow basiza bonke abathintekile esigamekweni, kubalwa nomndeni womufi, kusho isikhulumi uBronwyn Dyke.

Uthe bazophinde balekeleke namaphoyisa ngophenyo.

UTraut uthe akukaboshwa muntu okwamanje.

Ube esekhuthaza amalungu omphakathi angase abe nolwazi ngesigameko ashayele uCrime Stop ku-08600 10111.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...