Ibanjiwe inhlwathi engamamitha amane eqeda kudla imbuzi eMnambithi

2016-12-10 16:01

Durban – Itholakale iqeda kudla imbuzi inyoka inyoka yohlobo lweNhlwathi engamamitha amane ubude, eMnambithi, kubika i-eNCA.

Umphakathi waseMcisheni ubize uFanie Cilliers osebenza ngokubamba izinyoka egcekeni leminye yemizi yakuleli.

Umnikazi wembuzi owaziwa ngelikaMnuz Nzimande utshele uCilliers uthi uselahlekelwe nayizinkukhu ezimbili zidliwa yile nyoka.

OLUNYE UDABA:Uzame ukugaya inyoka ngomshini wokuwasha

“UNzimande uthe le inhlwathi yesithathu ukuhlasela imfuyo yakhe kanti kulokhu lenyoka ivele yakhathala kulandela ukudla imbuzi yakhe eyodwa,” kusho uCilliers etshela abezindaba.

UCilliers uthe lolu uhlobo lwe-African Rock Python kanti uyithole ihleli eweni wayifaka emotweni yakhe.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...