Ibanjiwe imigulukudu yaseNgwavuma

2017-01-28 17:01

eNgwavuma -  Amaphoyisa abehamba ehlola isimo ngesikhathi elunywa indlebe ngokugetshengwa kwebhizinisi okwenzekayo kwesinye sezitolo zaseNgwavuma.

Lawa maphoyisa aluthathele phezulu lolu daba aphuthuma endaweni yesigameko kodwa bazithola sezingasekho izigebengu.

Amalungu omphakathi asize amaphoyisa ngolwazi lokuthi zibalekele ngakuphi lezi zigebengu.

OLUNYE UDABA:Iphila ngokwesaba imindeni yababulewe imigulukudu yaseNyanga eKapa

Elandela umkhondo, amaphoyisa abambe le migulukudu ngemuza kwamahora ambalwa.

Abasolwa batholakale nomakhalekhukhwini abayishumi nambili, amawashi kanye nezimpahla ezebiwe kulesi sitolo kanye nesibhamu sohlobo lwe-9mm sinezinhlamvu.

Laba basolwa abathathu bazovela phambi kweMantshi yaseNgwavuma ngoMsombuluko.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...