Ibandla likhala ngamanyala agilwa ngabantu endlini yesonto

2018-03-23 14:03

eGoli - Njalo ngoMgqibelo uma uConstance Mathafeni eyohlanza indlu yesonto uthi uhlangatshezwa ngamanyala enziwa ngabantu.

UMathafeni, 48, utshele abe-Daily Sun ukuthi impelasonto yokugcina enyangeni ingenzima kakhulu ngoba basuke bebaningi abantu abenza umkhuba emagcekeni eConquerors Through Christ Ministries eseRamaphosa, ngaseReiger Park, eKurhuleni.

“Ngezimpelasonto, bashiya amakhondomu nodoti omningi ogcwala amapulasitiki amathathu kadoti," kusho yena.

Uthi amathoyilethi esonto kawakhiywa ngoba abantu bazikhululela nasemnyango uma bewathola ekhiyiwe.

UMfundisi uJohannes Ngwale utshele leli phephandaba ukuthi leli sonto seliphenduke inkundla yokuya ocansini isetshenziswa yizidakwa kanye nalabo ababhema iwunga.

"Bavele beqe uthango lwethu olufishane bese bazenzela umathanda endlini kaNkulunkulu.

OLUNYE UDABA: Omunye wesifazane uthi wayena-15, eyintombi nto, enza ucansi nomculi odumile

"Abantu kumele bashintshe futhi bafunde inhlonipho," kusho lo mfundisi.

Uthi ukulalana kwabantu lapha okuyona yodwa into engahambisani nobungcwele eyenzeka kuleli bandla.

Uthi sekuke kwagqekezwa kaningana ngonyaka odlule izigebengu zeba i-sound system yebandla kwaze kwaba kathathu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini uthi amaphoyisa aphenya icala lokulinyazwa kwempahla.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...