Ibandla ligxeka ‘umfundisi we-Doom’

2016-11-29 11:30

Cape Town – UMfundisi Mosoana Derick webadla iFaith Chapel SA, usexwayise uphakathi wakuleli “ngabaphrofethi bamanga”.

“Ngesonto eledlule izinkundla zokuxhumana zazinesasasa ngomholi webandla osebenzisa iDoom ukwelapha abazalwane. Lesi akusiso isigameko sokuqala esishaqisayo kwizakhamuzi ezintekenteke, ezingenza okunzima ukuze nje zidambise ukuhlupheka kwazo kwansuku zonke,” kusho lo mfundisi.

OLUNYE UDABA: Umfundisi we-Doom uzifuthe ngayo enkonzweni

Ubephawula mayelana nesigameko esasusa umsindo somfundisi owabonakala kwi-video efutha abazalwane ngeDoom.  

Uthi umphakathi kumele uqaphele ngeziphrofetho zamanga kanye nemilingo eyenziwa ngabefundisi ukuze badukise abazalwane baphinde bangcolise nezwi leNkosi.

“Noma ngabe iyiphi enye indlela ehlose ukukuhlaza kanye nokuphazamisa impilo yakho kumele itolikwe njengomsebenzi omuhle kaSathane, hhayi okunye.

“Abefundisi kumele bayeke ukusebenzisa ugcobo kwabo ukuhlukumeza abalandeli,” kuqhuba uMosana.

Uphinde wanxusa nohulumeni ukuba asheshise uhlelo lokulawula amasonto, ukuziphatha kwawo kanye nokuphathwa kwezimali zawo ukuze kugwenywe le mikhuba. 

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...