I-Sassa ithi asikho isivumelwano efinyelele kusona neCPS

2017-03-05 16:59

Pretoria - ISouth African Social Security Agency (Sassa) ithi asikho isivumelwano esisayinile neCash Paymaster Services (CPS) ngodaba lokuholelwa kwabantu abangu-17 million abathola izibonelelo zikahulumeni.

Lokhu ukusho nakuba sekusele izinsuku ezingu-26 iphelelwe yisikhathi inkontileka esebenzayo njengamanje nengekho emthethweni.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli ngeSonto, inhloko yemisebenzi yakwaSassa uDumisile Ndlovu utshele izintatheli ukuthi asikho isivumelwano esesisayiniwe okwamanje ngodaba lokuholelwa kwabantu kusukela ngomhlaka 1 Ephreli.

OLUNYE UDABA: Ngeke ngisuke esikhundleni - Dlamini

NgoLwesihlanu ebusuku okhulumela uMnyango wezokuThuthikiswa koMphakathi uLumka Oliphant ukhiphe isitatimende esithi iSassa ne-CPS bafinyelele esivumelwaneni ngemuva kwezingxoxo ezidonse izinsuku ezintathu.

NgeSonto uNdlovu uthe isivumelwano neCPS sizokwenza ukuba izinsiza zale nkampni ziqhubeke nokusetshenziswa yiSassa ngemuva komhlaka 31 Mashi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...