I-SASSA isiyalelwe ukuba izophendula imibuzo enkantolo

2017-03-09 19:31

Durban - UMengameli wamaJaji kuleli uMogoeng Mogoeng uyena ozolalela ukudingidwa kodaba labakwa-SASSA eNkantolo yoMthethosisekelo.

Le nkantolo imeme abakwaSassa ukuba bazophendula imibuzo ngezinguquko kanye nezinhlelo zabo mayelana nokukhokhwa kwezibonelelo.

Le nkantolo imeme isikhulu sakwaSassa ukuba sizochaza kabanzi ukuthi babonanini ukuthi ngeke isakwazi ukuzikhokhela izibonelelo kodwa kunalokho isizovuselela inkontileka ne-CPS.

OLUNYE UDABA:Zinezigqinamba nezikole ezizimele - Isasa

Ngaphezu kwalokho le nkantolo ifuna ukwazi ukuthi yiphutha likabani ukuthi kungabi bikho uhlelo okuvikwe ngalo ukugaqa izimo ezifana nalezi nokuthi le nkampani yayihlele ukwenzenjani uma sekuphela inkontileka ye-CPS njengoba sekwenzeka.

Ngokwemibiko etholwe abeSolezwe, le nkantolo ifuna unokwazi ukuthi ngakube sikhona yini isivumelwano iSassa esenze ne-CPS ukuqinisekisa ukuthi kuzoholwa ngo-Ephreli 1.

IBlack Sash ifake udaba enkantolo ngemuva kokuvela kokuthi kungenzeka abantu abangu-17 million abahola izibonelelo bangazitholi. Udaba luzolalelwa wuMengameli wamaJaji uMogoeng Mogoeng ngomhlaka-15 Mashi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...