I-Sassa icele inkantolo ukuba yelule inkontileka ye-CPS

2018-02-08 16:01

Johannesburg – I-SA Social Security Agency (Sassa) ifake amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo icela ukuba inkontileka ye-Cash Paymasters Services (CPS) yelulwe ngezinyanga eziyisithupha.

Okhulumela i-Sassa uPaseka Letsatsi utshele iNews24 ngoLwesine ukuthi lokhu kuzoba yingxenye yohlelo lwe-CPS yokwedlulisela izintambo kwi-South African Post Office.

"Sifuna uhlelo luqhubeke [abantu baqhubeke nokuholelwa]. Yingakho sifuna kwelulwe isikhathi,” esho.

OLUNYE UDABA: Imindeni yezisulu izinxeshezelwa ngo-R200k

INkantolo yoMthethosisekelo ngo-2014 yathi inkontileka eyasayinwa abakwa-Sassa yokusebenzisana ne-CPS ngo-2012 yayingekho emthethweni ngakho kumele ihoxiswe.

Ngo-Ephreli 2017, inkantolo yabe isikhipha umyalelo wokuba isivumelwano siqhubeke nokho nokusebenza kuze kube uMashi 31, 2018, ukuze uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ne-Sassa bezokwazi ukuthola inkampani entsha ezoholela abantu imali yesibonelelo sikahulumeni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...