I-SARS isezithendeni zamabandla angayikhokhi intela - Umbiko

2018-01-28 11:08

Johannesburg - Abaqoqi bentela kuleli iSouth African Revenue Service (SARS) bazimisele ngokuthatha igxathu lokuphenya amabandla ekutheni ayahambisana yini nemigomo yentela.

NgoJulayi wonyaka owedlule, iCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural‚ Religious and Linguistic Communities yethula umbiko wayo wokugcina mayelana nokwenziwa ibhizinisi kwezindawo zokukhonza kanjalo nokudlala ngabantu abasuke bekholelwa ezinqubweni ezithile zamabandla.

Phakathi kwezinye izincomo kwaba ngukuthi i-SARS yenze uphenyo olunzulu mayelana nokuthi abanye abefundisi abayikhokhi intela.

OLUNYE UDABA: 'Thembekani ekukokheleni intela'

I-SARS ithe ngoLwesihlanu lesi sinqumo sihamba ezinyathelweni zophenyo lokuqala eyalwenza kanjalo nezinqumo ezathathwa emhlanganweni wayo nale khomishini.

I-SARS ithi kunemibiko eveza ukuthi ezinye izinhlangano zamabandla nabaholi bawo abayikhokhi intela futhi basebhizinisini lokuzicebisa bona besebenzisa inkolo.

I-SARS ithe nokho akhona amabandla ayihloniphayo imithetho yentela.

Iqhube ngokuthi amabandla angakwazi ukufaka izicelo zokungayikhokhi i-Income Tax nezinye izinhlobo zentela kepha kunemibandela ethile okumele ilandelwe.

Udaba oluphelele kwiSowetanLIVE.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...