I-SAFA izomemezela umqeqeshi omusha ngemumva komdlalo we-Angola

2017-03-22 18:03

Cape Town – Kubikwa ukuthi inhlangano yebhola kuleli, iSouthi African Football Association (SAFA) ihlela ukumemezela umqeqeshi omusha weBafana Bafana ngemuva komdlalo weBafana Bafana wobungani ne-Angola.

IBafana Bafana ibilokhu ingenamqeqeshi kusukela ekupheleni kukaDisemba 2016 ngemuva kokuthi iSAFA yaxosha lowo owayengumqeqeshi uShakes Mashaba ngokungaziphathi kahle.

Ngaphambilini kule nyanga, iSport24 yabika ukuthi uCarlos Queiroz (ongumqeqeshi wase-Iran) kanye noHerve Renard (ongumqeqeshi weMorocco) babengabanye babaqeqeshi abayizimfivilithi kuSAFA.

Kodwa-ke bobabili laba qeqeshi badalula ukuthi abekho ezinhlelweni zokuvala isikhala sikaMashaba.

OLUNYE UDABA: SAFA: Asihlangene nokuxoshwa kukanompempe

Okhulumela iSAFA, uDominic Chimhavi, udalule ukuthi le nhlangano isivele isifinyelele esivumelwaneni nomqeqeshi omusha.

“Bekumele simemezele umqeqeshi kuleli sonto, kodwa sesinqume ukukuhlehlisela isonto elizayo, ngemuva komdlalo we-Angola,” uChimhavi ucashunwe kanjalo yi-website yeKickOff, engeza ngokuthi lokhu bakwenzela ukuthi amehlo angasuki emidlalweni ezayo yeBafana.

“Yonke into isiphothuliwe futhi sesivele sisenzile isivumelwano (nomqeqeshi). Sesilinde ukumemezela igama lakhe.”

IBafana Bafana izitholana phezulu neGuinea-Bissau enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibeko, ngo-15:00 ntambama. Emdlalweni olandelayo izobhekana ne-Angola ngemuva kwezinsuku ezintathu (ngoLwesibili, ngomhlaka-28 kuMashi, enkundleni yezemidlalo iBuffalo City Stadium, e-East London ngo-19:00 kusihlwa.

Umsizi kamqeqeshi, uOwen da Gama, uyena ozobe ebambe njengomqeqeshi wesikhashana. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Useyilaxazile i-ANC uMakhosi Khoza

Emizuzwini eyi-3 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...