I-SACP isola i-ANC ngelungu eliboshelwe isibhamu esingekho emthethweni

2017-10-15 12:32

Johannesburg - I-South African Communist Party (SACP) isola iLuthuli House ngokuboshwa kwelungu le-SACP eMzimkhulu, KwaZulu-Natal.

Le ndoda, eyisikhulu esiphezulu kuKhongolose, iboshwe ngoMgqibelo ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Kodwa okhulumela i-SACP, uZoliswa Nyinde, uthe lesi sikhulu sigcizelele ekutheni besingaziphethe izincwadi zesibhamu ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owe-ANC ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni

Uthe uzakwabo uke wazama ukukhipha izincwadi esiteshini samaphoyisa kodwa yatshelwa ukuthi iLuthuli House okuyikomkhulu le-ANC liyalele ukuthi agcinwe esitokisini.

I-ANC KwaZulu-Natal ayifunanga ukuphawula ngeSonto ngezinsolo ze-SACP.

Sekubulawe amakhansela angu-24 KwaZulu-Natal kusukela ngo-2009 kanti i-SACP yona ithi lokhu kudalwa umqhudelwano wamathenda oludala lolu dlame.

Sekuboshwe abantu abangaphezu kwabangu-60 ngokubandakanyeka kulezi zigameko zokubulala, kodwa akekho noyedwa oseke washushiswa.


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...