I-SABC, uMotsoeneng noTebele bayalelwe ukuba bakhokhe izindleko zecala lezintatheli

2017-09-08 12:29

Johannesburg – INkantolo yezabaSebenzi eGoli inqume ukuthi lowo owayeyisikhulu sakwaSABC uHlaudi Motsoeneng, owayeyinhloko yezindaba uSimon Tebele kanye neSABC kumele bakhokhe izindleko zecala elalimayelana nokuxoshwa kungafanele kwezintatheli ezingu-8 zakwaSABC.

USuna Venter, Foeta Krige, Krivani Pillay, Thandeka Gqubule, Busisiwe Ntuli, Lukhanyo Calata, Vuyo Mvoko noJacques Steenkamp baxoshwa kwaSABC ngoJulayi 2016 ngokuphikisana kwabo nesinqumo sikaMotsoeneng sokuba kungaphinde kusakazwe imibhikisho enodlame.

Izintatheli eziyisikhombisa kulezo ezingu-8 zaphinde zaqashwa kabusha ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: OwezeMfundo uthi awunazo ziinhlelo zokubhekana nokuphazamiseka kokufunda

ISABC, uMotsoeneng noTebele kuzomele bakhokhele iSolidarity neBemawu, ababemele izintatheli ezaxoshwa enkantolo.

UMotsoeneng wakhishwa esikhundleni sakhe ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ngoSepthemba 2016 isichithile isicelo sakhe sokuphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape esithi waqashwa kungafanele, ngakho kumele axoshwe.

NgoJuni, iSABC yamemezela ukuxoshwa kukaMotsoeneng ngemuva kokuba ikomidi eliqondisa izigwegwe ngaphakathi limthole enecala lokufaka ehlazweni iSABC nangokudala umonakalo ongeke usalungiseka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...