I-SABC iyalelwe ukuba ihoxise isinqumo sayo ngolwemibhikisho

2016-07-11 16:00

Johannesburg - I-Icasa ikhiphe isinqumo sokuthi iSABC ayihoxise isinqumo sayo yokungashicileli imibhikisho enodlame.

Ngokwemibiko yeSABC News, lesi simemezelo senziwe ngoMsombuluko lapho bekubanjwe khona umhlangano wokudingida lolu daba.

Kusukela kulokhu, kulindeleke ukuba usihlalo webhodi lakwaSABC uProf Mbulaheni Maguvhe abhalele i-Icasa kungakapheli isonto aqinisekise ukuba bazosihoxisa lesi sinqumo.

Emasontweni amabalwa andlule, kube nezingxushungxushu eziningi kwa-SABC nokuyinto eholele ekuxishweni kwabaholi kanye nezintatheli ezimbalwa ngoba kuthiwa azihambisani nomthetho wokungabiki ngale mibhikisho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...