I-NUMSA iphika eyokubuyela ku-ANC

2017-01-23 10:01

Johannesburg - INational Union of Metal Workers of SA (Numsa) isiyichithile imibiko eqagula ukuthi ingase ithelelane amanzi neqembu elibusayo, i-ANC, bese ibuyela kumadlelandawonye uma ngabe kukhethwa “umholi oza nobumbano”, ethatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma engqungqutheleni kazwelonke ekupheleni konyaka.

“Umbono wethu ukuthi uhlelo lozongena esikhundleni ku-ANC alulawulwa yinhloso yoguquko,” kusho uNobhalala Jikelele weNumsa, u-Irvin Jim.

OLUNYE UDABA: Ukusekwa kwaDlamini-Zuma yi-ANCWL kuwukuxhamazela – ANC

Uthi “ukuphela kwesixazululo ukushintsha i-ANC ngeqembu labasebenzi loguquko, elizimisele ukulwa ngempela”.

Iqeqebana elithile lamalunga e-ANC eGauteng likholwa ukuthi isekhona indlela yokuthi iNumsa, owayenguNobhala Jikelele weCosatu owaxoshwa, uZwelinzima Vavi kanye nomholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, basangabuyela ku-ANC uma ngabe uKgalema Motlanthe ethatha izintambo kuZuma.

Omunye wabaholi be-ANC esifundeni saseGoli uthi njengoba uMalema evele esekhombisile ukuthi uyameseka uMotlanthe lokho kuyizimpawu ezinhle okumele bakhele phezu kwazo.

UJim uthi ukuthi ubani umholi olandelayo we-ANC, ngeke kushintshe lutho uma ngabe ingakazimiseli ngokuguqula isimo somnotho, ukuqeda ukuswelakala kwemisebenzi, ukungalingani kanye nobubha. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ushonile owesilisa oshayiswe yimoto ePMB

Emizuzwini eyi-47 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...