I-NPA isibekele uMengameli Zuma umnqamulajuqu

2017-10-20 17:59

Durban – INational Prosecuting Authority isibekele uMengameli Jacob Zuma umnqamulajuqu womhlaka-30 Novemba ukuba abeke izizathu zokuthi kungani kumele ahoxiswe amacala akhe enkohlakalo.

Lezi zindaba zivele esitatimendeni esikhishwe yi-NPA ngoLwesihlanu.

Lo mnqamulajuqu uza kulandela isinqumo sangesonto eledlule esakhishwa yiNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala sokuchitha isicelo se-NPA noMengameli Zuma sokuba kuguqulwe isinqumo seNkantolo eNkulu eyayalela ukuba sithathwe njengesiphambene nomthetho isinqumo sokuhoxiswa kwamacala kaMengameli.

Esitatimendeni ihhovisi likaMengameli lithi isinqumo, nakuba kungesidumazayo, besilindelekile.

OLUNYE UDABA: I-ANC ngeke iphawule manje ngesinqumo senkantolo ngoZuma ne-NPA

Ihhovisi laphinde aveza ukuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala ithe lowo owayeyibamba likaMgqondisi wezokuShushiswa koMphakathi uMokotedi Mphshe wasebenzisa umthetho okungewona ofanele ngesikhathi ecubungula izethulo zikaMengameli Zuma ezenziwa kwi-National Prosecuting Authority (NPA).

Ngaleyo ndlela, isinqumo sokuhoxiswa kwamacala ayethweswe uMengameli Zuma kwavela ukuthi asikho emthethweni.

Ngemuva kwesinqumo sangesonto eledlule, amaqembu aphikisayo aveza ukuthi uZuma kanye ne-ANC bambuleke izinqa njengoba ingasekho into abazocasha ngayo manje.

Leli cala limayelana nezinkulumo eziqoshiwe, ezidume ngelamaSpy Tapes.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...