I-NPA iphika imibiko ethi kuzoboshwa uNgqongqoshe nabakwaGupta maduze

2018-01-29 11:00

Johannesburg - INational Prosecuting Authority ngeSonto iyiphikile imibiko yabezindaba ethi kungekudala kuzoboshwa uNgqongqoshe weziMbiwa phansi uMosebenzi Zwane namanye amalungu omndeni wakwaGupta ngamacala athinta olwemali engaqondakali ukuthi bayitholakanjani.

"Awekho amacala asephothuliwe…uphenyo alukaphothulwa,” kusho okhulumela i-NPA uLuvuyo Mfaku etshela iNews24.

Uthe ubufakazi busaqoqwa – ngakho-ke akekho osengabekwa amacala okwamanje.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi utshele iNews24 ukuthi bona abakhulumi ngophenyo lusaqhubeka.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zifuna kudedelwe abasolwa ngokubulala

ISunday Times ibike ukuthi uZwane, kanye no-Atul, Rajesh no-Ajay Gupta bazothweswa amacala kungekudala.

OKlebe njengemanje baqhuba uphenyo lwenkohlakalo ngemali engu-R220 million yomklamo wepulazi eliseVrede eFree State okwakuhloswe ngawo ukuthuthukisa abalimi abamnyama abasathuthuka.

NgoLwesihlanu, oKlebe bagasela ehhovisi likaNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule nawoMnyango wezoLimo esifundazweni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild.
Jhb: 12-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-22°C a few tstorms. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...