I-NPA ikuqinisekisile ukuthi ithole amadokodo angu-140 ngolwaseSidimeni

2018-03-22 19:30

Johannesburg - INational Prosecuting Authority (NPA) eGauteng isikuqinisekisile ukuthi ithole amadokodo angu-140 emaphoyiseni ngesigameko saseLife Esidimeni.

Lowo owayeyiphini lenhloko yamajaji uDikgang Moseneke embikweni wakhe ugxeke labo ababanesandla kulo mklamo owashiya kushone iziguli, wathi abanendaba nesithunzi somuntu.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngezikhukhula njengoba liqhubeka nokuyidliva ezingxenyeni eziningi zezwe

Zibalelwa kwezingu-144 iziguli ezashona ngemuva kokuyiswa nguMnyango wezeMpilo eGauteng ezikhungweni ezizimele ezingenazo izinsiza kusebenza ezanele noma ezisesimeni esifanele.

I-NPA ithi isafunda okuqukethwe kumadokodo ngenhloso yokubona ukuthi bakhona yini abangathweswa amacala.

Okhulumela i-NPA uPhindi Louw-Mjonondwane uthi uhlelo lwabo lungase luthathe amasonto amathathu kuya kwamane.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...