I-KPMG isiphinde yagqemeka enye ingozi

2017-10-21 14:30

Johannesburg – Inkampani ecwaninga amabhuku i-KPMG isibhekene nezinye futhi zinkinga.

Kulokhu-ke, uMasipala waseNelson Mandela Bay usulaxaze le nkampani ngemuva kokuba umkhandlu uphasise isiphakamiso esiphuthumayo.

Isiphakamiso besifakwe yi-Economic Freedom Fighters, ebifuna kudatshulwe ngokushesha inkontileka yokusebenzisana ne-KPMG.

Inkontileka bekulindeleke ukuba iphelelwe yisikhathi ekupheleni kwenyanga kaFebhuwari. I-EFF ifuna nokuba kubuyekezwe wonke umsebenzi owenziwe yi-KPMG kumasipala.

OLUNYE UDABA: Sigcine sikhishiwe emgodini isidumbu somvukuzi

Akuwona kuphela lo masipala osuthathe isinqumo sokulaxaza le nkampani, kuzokhumbuleka ukuti nezinye izinkampani ziyilaxazile kulandela ukuvela kwezinto ezishaqisayo ngomsebenzi eyakwenzela umndeni wakwaGupta.

I-KPMG yaphinde yaphoqeleka ukuba ihoxise umbiko wayo ngophiko lwezobunhloli wakwaSars.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...