I-IPID iphenya ngobulawe kade ekhombe amaphoyisa ngesethoyizi

2017-07-25 09:32

Cape Town – Udaba lowesilisa okuthiwa udutshulwe ngemuva kokuba ekhombe amaphoyisa kamasipala ngesibhamu sethoyizi seludluliselwe kwi-Independent Police Investigative Directorate (IPID), kusho iDolobha laseKapa ngoMsombuluko.

Ilungu lezokuphepha ekomidini lomkhandlu, uJP Smith, lithe uMasipala usebenzisana ngokugcwele namaphoyisa kanye ne-IPID njengoba kuphenywa ngesigameko esenzeke ngesikhathi kunezivimbamgwaqo ngoLwesine olwedlule.

Amaphoyisa kamasipala abesebenza ePhilippi ngesikhathi ebona abesilisa ababili bebaleka lapho bekuvalwe khona, abe esebajaha, esho.

OLUNYE UDABA: Ushonele egunjini lomqwayizi obehambe eyophuza

"Omunye wabo uphendukile wakhomba amaphoyisa ngesibhamu. Amaphoyisa abe esedubula umsolwa, washona ngemva kwesikhashana,” kuqhuba uSmith.

"Ngokuhamba kwesikhathi kutholakale ukuthi umsolwa ubengaphethe isibhamu sangempela.”

Okhulumela i-IPID uMoses Dlamini ukuqinisekisile ukuthi benza uphenyo, wathi isidumbu sihlolwe ngoMsombuluko kanti nezitatimende sezithathiwe kwabazibonele.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...