I-Ipid iphenya esibandakanya ungqongqoshe eW Cape

2017-08-12 15:42

Cape Town - Amaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) yiwo aphenya isigameko sokuzama ukuphanga esibandakanya uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eWestern Cape u-Albert Fritz.

UFritz nonogada bakhe bahlaselwe namuhla ekuseni ngaphandle kwasesontweni eliseNyanga.

Kudutshulwe kwabulawa umsolwa oyedwa kwathi omunye walimala kanzima.

OLUNYE UDABA: Kuhlaselwe uNgqongqoshe eWestern Cape

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe lusezandleni zamaphoyisa i-Ipid uphenyo kulandela isigameko esenzeke namuhla ekuseni eNyanga.

"Kusolwa ukuthi abasolwa ababili abebehlomile bazame ukubamba inkunzi ungqongqoshe nomkhulumelayo, bebaphuca amaselula. Onogada bangqongqoshe bavulele ngenganono bebhekise kubasolwa. I-Ipid yiyo esiphenya isigameko."

Kulesi sisgameko kulimale nomuntu obemile endaweni yeisgameko.

UFritz ubahembele umcimbi woSuku labesiFazane kuleli sonto namuhla ekuseni ngesikhathi yena nethimba lakhe behlaselwa.

Idolobha laseKapa liqinisekise ukuthi uFritz nonogada bakhe abazange balimale.

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...