I-IFP ifuna kunqandwe isiteleka samatekisi

2017-06-30 18:01

Durban - Inhlangano Inkatha Freedom Party inxusa ukuba kube nezinyathelo eziphuthumayo zokunqanda ukhukhulelangoqo wesiteleka samatekisi esihleliwe.

Okhulumela le nhlangano kwezokuthutha uKhethamabala Sithole uthe: “ Kumele kube nezinyathelo eziphuthumayo ezithathwa wuhulumeni kazwelonke kanye nasezifundeni ezahlukahlukene ukugwema esinye isiteleka samatekili.

USithole uthi iziteleka zamatekisi zishiya inqwaba yabagibeli bexakekile futhi bengakwazi nokufika emisebenzini nokuyinto ephazamisa ukusebenza kwamabhizinisi.

OLUNYE UDABA:Abamatekisi bathi kuza ukhukhulelangoqo wesiteleka

Le nhlangano ithi iziteleka ezimbalwa ezisanda kwenziwe emadolobheni ase-Thekwini, eKapa, eGoli kanye nasePitolo kwaphazamisa kakhulu ukusebenza kwamabhizinisi kanye nokuhamba emigwaqeni.

Le nhlangano isho lokhu kulandela umbiko okhishwe wuphiko lwenhlangano yamatekisi iSantaco esifundazweni sakwaZulu-Natal ukuthi kube nesiteleka sikazwelonke ngomhlaka 12 kuJulayi 2017.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...