I-IEC inxusa abantu ukuba baqhubeke nokubhalisela ukuvota

2016-04-11 17:30

Johannesburg - I-Independent Electoral Commission (IEC) iyaqhubeka nokunxusa abantu ukuba baqhubeke nokuqinisekisa imininingwane yabo noma babhalisele ukuvota.

Isigaba sesibili sohlelo lokubhalisela ukuvota besingempelasonto kanti kubikwa ukuthi bancane abantu abaphumile.

Kwezinye izindawo luphazamisekile uhlelo lokubhalisa ngenxa yemibhikisho.

Funda nalolu daba: UMengameli kumele kube ngumuntu ohlolwe kahle - Mbeki

Iphini lesikhulu esiphezulu, uSy Mamabolo, uthi abantu basangakwazi ukuyobhalisa futhi baqinisekise nemininingwane yabo emahhovisi omasipala kuzekube uMnyango wezohulumeni basekhaya umemezela usuku lokuvota.

Usuku lokuvota kulindeleke ukuba lumenyezelwe ngenyanga ezayo nguMnyango, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...