I-IEC ihlela ukhetho lokuchibiyela

2016-08-18 19:01

Cape Town – Ngeke ikuthole ukuphumula okwamanje i-IEC kulandela ukhetho lohulumeni bezindawo obelungo-Agasti 3, njengoba sekuzolandela olokuchibiyela kulandela ukushona kwamakhansela amabili.

Ngokusho kwe-IEC, izimenenja zomasipala zibazise ngokushona kwekhansela ku-Ward 4 ngaphansi kukaMasipala waseNelson Mandela Bay, kanye nekhansela laku-ward 17 eMbhashe.

Funda nalolu daba: UMamela uthi bazovotela uMashaba eGoli

Edolobheni laseKapa ku-ward 108, isikhala sivuleke ngemuva kokuba ikhansela elakhethwa kule ndawo laphinde lathola isihlalo nakwiProportional Representation, lakhetha isihlalo.

Ukhetho lokuchibiyela luzoba nomhlaka 9 Novemba, kodwa kusazomele usuku luqinisekiswe yi-IEC.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...