I-ICASA ixwayise iSABC ngokushaya indiva isinqumo sayo

2016-07-19 11:34

Johannebsurg – Kubikwa ukuthi i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) isitshele iSABC ukuba iyeke ukuqhubeka nokungalandeli isinqumo sayo ngokungasakazwa kwemibhikisho enodlame.

I-SABC ithe ngeke isihloniphe isinqumo se-Icasa ngoba ayazi ukuthi yisinqumo esikhishwe umkhadnla wayo noma yizincomo nje zekomidi elibhekelele ukuthi imigomo iyalandelwa yini.

Encwadini ethunyelelwe abameli beSABC, i-Icasa ithi iSABC iyayalelwa ukuba ihoxise isinqumo sayo sokungasakazi imibhikisho enodlame.

Funda nalolu daba: 'Umjondolo wami ungcono kunendlu yomxhaso'

Iphinde yathi umhlangano womkhandlu ophume nalesi sinqumu.

I-Icasa iphinde yathi lesi sinqumo yasidlulisa ngomlomo ngenxa yokuthi sasiphuthuma.

Isikhulu seSABC uHluadi Motsoeneng wazwakalisa ukuthi lolu daba uzolulwa enkantolo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...