I-HRC iphenya umfundisi we-Doom

2016-11-30 07:34

Johannesburg - IKhomishana yamaLungelo Abantu isiqalise uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe lo mfundisi waseLimpopo owafutha abazalwane ngeDoom ebusweni akazange yini aphule amalungelo abo.

Ikhomishana ithi uLethebo Rabalago webandla iMount Zion Christian Assembly eZebediela kungenzeka ukuthi uphule ilungelo labantu ngokuehlisa isithunzi.

OLUNYE UDABA: Ibandla ligxeka ‘umfundisi we-Doom’

Imenenja yekhomishana esifundazweni uVictor Mavhidula uthe: "Nathi siyawahlonipha amalungelo awo wonke umuntu okuba enze akholelwa kukho.

"Yize kunjalo, thina singenelela uma sikholwa ukuthi kunezinto ezenziwayo ezehlisa abantu isithunzi."

Lo mfundisi waba ngundabuzekwayo ngesikhathi kusabalala izithombe ezinkundleni zokuxhumana ezazimtshengisa efutha abantu ngalo muthi wokubulala izinambuzane ethi uyaelapha.

Wathi konke akwenzayo ukwenza ngomyalelo kaNkulunkulu, yingakho iDoom ingaalimazi abazalwane.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...