I-EFF neDA bafuna idingidwe ngokushesha eyokungabethembi ubuholi bukaZuma

2018-02-08 16:01

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters izocela uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ukuba aqinisekise ukuthi kuhlala iPhalamende ngokushesha ngoLwesibili, kusho umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane.

Esitatimendeni, uMaimane uthe i-EFF izophakamisa ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma. "Incwadi evela kwi-EFF izothunyelwa ehhovisi lakhe [uMbete] kunxuswa lo mhlangano ophuthumayo.

"Lokhu kuzonikeza iPhalamende isikhathi sokudingida liphinde livotele ukungabethembi uhuholi bukaZuma.

"IPhalamende yilo elikhetha umengameli, futhi yilo elimkhiphayo esikhundleni. Lokho akwenziwa ngasese eLuthuli House," esho.

Konke lokhu kuza ngemuva kokukhula kwengcindezi eqhamuka kumaqembu epolitiki, okubalwa nenhlangano ebusayo uqobo, yokuthi uZuma ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: Akumele kuchithwe sikhathi ngokukhetha umengameli omusha - Maimane

UMengameli omusha we-ANC uCyril Ramaphosa uyaqhubeka nezingxoxo noZuma, nokho akukabikhona simemezelo esiqinisekisa ukushenxa kukaZuma.

UMaimane usenxuse ukuba iProgramming Committee yePhalamende ihlale ngokushesha ukuphothula uhlelo lwesiShayamthetho.

UMbete washiya abaningi bemangele ngoLwesibili ngesikhathi ememezela ukuthi ihlehlisiwe inkulumo ebhekiswe esizweni.

Enkulumweni eqoshiwe eputshukile, kuzwakala uMgcinimafa we-ANC uPaul Mashatile ethi uma uZuma engafuni ukuphuma esikhundleni bazophoqeleka ukuba bamgudluze.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...