I-EFF neCope ngeke babeyingxenye yemashi yeDA

2017-04-18 12:31

Polokwane – I-EFF neCope ngoLwesibili bazwakalise ukuthi ngeke babeyingxenye yemashi ehlelwe yi-DA yokuphikisana nobuholi bukaMengameli Jacob Zuma ePolokwane, bakhala ngokungahleli kwezinto ezithile.

Ngempelasonto, i-DA imemezele izinhlelo zemashi ezolibhekisa ehhovisi likaMgcinimafa esifundazweni.

Okhulumela iCope uDennis Bloem uthe iqembu labo ngeke limashe ngenxa yokuthi akukhulunywanga nalo, ngakho kunemininingwane engenayo.

OLUNYE UDANBA: Amaqembu aphikisayo azomasha eLimpopo

UJossy Buthane we-EFF uthe ngenxa yezinkinga ezingalungiswanga ngesikhathi kuhlelwa, kusho ukuthi nayo ngeke ibeyingxenye yemashi.

Nakuba kunjalo, iqembu le-EFF lithi ukungabi yingxenye yemashi akusho ukuthi sebuphelile ubudlelwane bokuphikisana noZuma.

Amalungu e-DA abuthane epaki ePolokwane ngaphambi kwemashi ngoLwesibili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...