I-EFF ne-ANC ezingxoxweni zokuhlangana - Umbiko

2018-04-15 10:29

Johannesburg – I-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-African National Congress (ANC) kubikwa ukuthi basezingxoxweni zokuhlangana.

Iphephanda iSunday Times libika ukuthi kunezigxoxo ezingatheni esezike zabanjwa yizikhulu eziphezulu kulezi zinhlangano ngalolu daba.

UWinnie Madikizela-Mandela ongasekho emhlabeni kwakuyisifiso sakhe ukuba umholi we-EFF uJulius Malema abuyele kwi-ANC noma basebenzisane ukusiza izwe.

Iphephandaba libika ukuthi uMalema useke wakhuluma noMengameli Cyril Ramaphosa mayelana nokudingekayo noma okubalulekile ukuze basebenzisane.

OLUNYE UDABA: 'Kuyishwa ukuthi uMadikizela-Mandela uhlonishwa engasekho'

Emngcwabeni kaMadikizela-Mandela ngoMgqibelo, uFikile Mbalula uthe i-ANC izosihlonipha isifiso sikaMama weSizwe ngokuthi ibuyisele uMalema eqenjini elibusayo.

UMalema kodwa ngesikhathi ethula inkulumo emngcwabeni uthe: "Mama, wathi ufuna sibuyele kwi-ANC, sakuzwa. Kodwa iyiphi i-ANC okumele sibuyele kuyona? Ngabe usho yona le yabantu abakudayisa? Abantu ababezimisele nangokukunikela esitheni?”

Kukholakala ukuthi kodwa ubudlelwane ngeke bubekhona ngaphambi kokhetho luka-2019.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...