I-EFF iya enkantolo ifuna ukuphoqa iPhalamende lithathele uZuma izinyathelo

2017-02-14 14:01

Johannesburg – I-Economic Freedom Fighters izofaka uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete enkantolo ifuna ukuphoqa iPhalamende ukuba liqondise izigwegwe uMengameli Jacob Zuma ngokwehluleka ukuvikela uMthethosisekelo.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthe bafuna imvume yokuya ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo.

"Sithathe isinqumo sokubabela eNkantolo yoMthethosisekelo ngqo,” kusho uMalema ngoLwesibili.

Lokhu kungemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo ngonyaka odlule ithole ukuthi uZuma wehlulekile ukuvikela uMthethosisekelo ngokungalandeli umyalelo kaMvikeli woMphakathi wokuba akhokhe ingxenye ethile yemali eyasetshenziswa kuqiniswa ezokuphepha noma ukulungiswa komuzi wakhe eNkandla.

OLUNYE UDABA: Abantu abasawethembi amaphoyisa - Stats SA

I-EFF kade ifuna iPhalamende lithathele uZuma izinyathelo kulandela isinqumo soMthethosisekelo sangoMashi 2016.

Amalungu e-EFF ePhalamende akhishwe ngendluzula ePhalamende ngesikhathi uZuma ezokwethula inkulumo ebhekiswe ezweni ngoLwesine olwedlule, ngesikhathi efuna uMbete athathele uZuma izinyathelo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwe isikole kubhikisha abafundi

Emizuzwini eyi-36 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...