I-EFF ithi akafunde ukuvala umlomo uMkhwebane

2018-01-12 11:12

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters (EFF) igxeke uBusisiwe Mkhwebane ngoLwesine, imsola ngokungcolisa iigama lehhovisi loMvikeli woMphakathi.

I-EFF ijoyine labo abazwakalise ukukhathazeka ngesimemezelo sakamuva sekhomishini ezophenya nge-state capture ukuba inikwe amandla ukuphenya nangezinye izinsolo ezazingekho embikweni kaThuli Madonsela.

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi utshele uMkhwebane ukuthi akafunde ukuvala umlomo, ngoba kwesinye isikhathi kuhle ukuthula.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenki yamatekisi

“Ngaso sonke isikhathi uma ekhuluma, ungcolisa igama elihle ngehhovisi loMvikeli woMphakathi,” kusho uNdlozi esitatimendeni.

I-EFF ithi lokhu okushiwo uMkhwebane uhlose ngakho ukuvumela izinhloso zikaZuma ezingezinhle zokuthwesa ikhomishini ijoka elingaphezu kwayo ukuze ingeke imthole ‘inecala’. 

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...