I-EFF isijoyine umkhankaso wokwehliswa kwemali yama-data

2016-09-16 12:31

Johannesburg – Iqembu lezepolitiki, i-EFF selijoyine ikhwelo lokunxusa izinkampani zokuxhumana ukuba zehlise izindleko zama-data, nokuyiwona asetshenziswa ukuze ukwazi ukungena kwi-internet.

Leli qembu lijoyina umkhankaso i-#DataMustFall, osanda kuqalwa umsakazi odume ngokuzikhulumela, uTBo Touch, nonqumele izinkampani zokuxhumana izinsuku ezingu-30 ukuba zenze ushintsho.

OLUNYE UDABA: Umkhankaso obhekiswe kwizinkampani zezokuxhumana #DataMustFall

Lo msakazi uphinde wanxusa nenhlangano elawula ezokuxhumana kuleli, i-ICASA ukuba ingenelele.

“Siyaleseka leli khwelo hhayi ngoba kuwumkhankaso obalulekile nje kuphela, kodwa futhi ngoba umbutho wethu, kumhlahlandlela wawo kwi-National People’s Assembly yango-2014, eMangaung, wavumelana ngokuthi intengo ephezulu yezokuxhumana eNingizimu Afrika ivimbezela ukukhululeka ngokwezomnotho kwabantu bethu,” kubeka i-EFF esitatimendeni.

Leli qembu liphinde lanxusa uMnyango wezokuXhumana kanye ne-ICASA ukuba bangenelele ukuze izinkampani zezokuxhumana zizokwehlisa izindleko ngokushesha.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...