I-EFF imise osolwa ngokushaya intombi yakhe eGuateng

2018-01-10 16:00

Johannesburg - Abeqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoLwesithathu baveze ukuthi sebemise uPatric Sindane, oyilungu lesiShayamthetho eGauteng ngezinsolo zokuhlasela intombi yakhe.

USindane usolwa ngokushaya intombi yakhe eSoweto ngempelasonto.

Esitatimendeni esikhishwe yibamba likaSihlalo we-EFF eGauteng, i-EFF eGauteng ixolisile emphakathini kulandela isigameko esibandakanya ilungu labo elisolwa ngokuhlasela owesifazane.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owe-ANC ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni

I-EFF iqhube ngokuthi ihlazekile njengesifundazwe.

Khona esitatimendeni i-EFF iphinde yathi ayihambisani nodlame olubhekiswe kubantu besifazane.

Njengamanje uSindane umisiwe emsebenzini okwesikhashana njengoba kusenziwa uhlelo lokuba aqondiswe izigwegwe.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...