I-EFF ilunqobe ngamalengiso ukhetho enyuvesi

2017-10-20 09:30

Johannesburg – I-Economic Freedom Fighters Student Command (EFFSC) ithathe izihlalo ezingu-12 kwezingu-15 okhethweni lwe-Student Representative Council (SRC) e-University of the Witwatersrand ngoLwesine, kusho okhulumela inyuvesi.

"Izihlalo ezintathu zithathwe yi-PYA (Progressive Youth Alliance)," kuqhuba uBuhle Zuma, oyisikhulu sezokuxhumana enyuvesi.

I-PYA ihlanganise i-African National Congress Youth League (ANCYL), Young Communists League kanye neMuslim Students Association.

OLUNYE UDABA: UMinnie Jones uqophe umlando ngohlelo lwakhe

Inhlangano yabafundi ye-EFF ijabule kakhulu ngokunqoba ukhetho.

Umholi we-EFF uJulius Malema wehlulekile ukuzibamba wagcofa uFikile Mbalula ngemiphumela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...